Uma wonke umholo womsebenzi noma inani elilingana unyaka, lingaphansi kuka-R2 000 nakhona lingadluli inani okumele lidonselwe intela . ukuze kubonwe ukuthi ngabe kumele likhishwe yini ifomu le-IT3.
Kwisamba senani elikhokhwayo lapho kungadonswanga khona intela.
Noma yiyiphi imali ekhokhelwe umuntu ngokunikeza inkonzo ethile, noma okumele yenziwe, lapho kungadonswanga khona intela.
Izimali ezikhokhelwa izinkonzo athile avamile ekusebenzeni kumaprofeshini, isibonelo, odokotela, abameli bomthetho , ama-advocate , ama-accountant nabacwaningi bezincwadi zezimali.
Umholo noma okulingana unyaka, okungekho ngaphezulu kwenani lika-R2 000 kunyaka wentela.
Imali ekhokhelwe ilungelo lokusebenzisa impahla imali yezinto ezithile ezenziwa kudala ezifana nokubhala amabhuku nokunye , noma izimali ezikhokhelwe ukusetshenziswa kwelungelo lobuqambi bezinto ezintsha , idizayini, ilungelo lobunikazi bamagama, uphawu, ubuqambi , ilungelo elisemthethweni lobuqambi bemibhalo noma ulwazi , noma lokudlulisa ulwazi oluhambisana nokusetshenziswa kwelungelo lobuqambi bezinto ezithile ezenziwa.
incazelo yeyunithi noma isisetshenziswa kwezezimali inani lamayunithi noma izisetshenziswa ezichithwayo i-value eyisilinganiso sezisetshenziswa ezichithwayo inani lilonke elivela kulezi zisetshenziswa eziqedwayo inzuzo ngemuva kokudonswa kwezimali ezidonswayo noma incithakalo maqondana nalezo zisetshenziswa ezichithwayo.
Zonke izitshalo zepulazi, izingodo , imfuyo, Insimbi ehlangene namatshe , amaminerali, amatshe awumcebo, atholwe wuwe ngokuwathenga, noma ngokushintshanisa ngempahla kanti.
Zonke izitshalo zepulazi, izingodo , imfuyo, insimbi ehlangene namatshe , amaminerali, amatshe awumcebo, athengiswe wuwe njenge-agent yomkhiqizi.
Zonke izitshalo, Insimbi ehlangene namatshe , noma amaminerali, ahanjiswe wuwe njenge-agent ehambisa izinto zomtshali kubathengisi abangaphandle kweRiphabhliki.
Asikho isikhathi esinqunyiwe esibekiwe.
Le nkonzo itholakala mahhala ayikhokhelwa.
